Bakhala ngabaphathi babo abafuna omazisi babo ngenkani abesifazane abasebenza ezitolo zabokufika edolobheni eMnambithi.
Laba besifazane abasebenza kwesinye sezitolo ezidayisa ukudla kuKandahar Avenue eMnambithi bekhuluma nephephandaba Uthukela Times bathi kusuka nje uhulumeni amemezela ukuthi laba abanezitolo zokudla kumele bayozibhalisa kwamasipala, laba abasebenza kubo babaphoqa ukuthi balethe omazisi babo kubona,
“Bayasiphoqa ukuthi siphathe omazisi bethu bathi bafuna ukusibhalisa. Okuxakayo ukuthi abasho ukuthi yini lena abafuna ukusibhalisa yona. Abanye ozakwethu babahambisile omazisi babo kodwa mina nginqabile nowami. Manje inkinga ukuthi sebefuna ukungixosha emsebenzini,” kuchaza lona wesifazane.
Lentokazi ithi omunye wabo uthe kubo noma ngabe abafuni bona kodwa bazowathola amantombazane azobanika futhi bazoshada nawo.
laba besifazane abasidonse ngendlebe ukuthi singalokothi sibaveze bathi sekumuncu emsebenzini ngoba nakhu abafuni nomazisi,”Mina owami ngithe walahleka anginawo, bathi angilethe inombolo ke nganqaba. Sisola ukuthi bafuna ukuyobhalisa ngathi iziphaza zabo njengoba kuthiwa azibhaliswe.”