Ngokusho kokhulumela amaphoyisa eKZN uRobert Nethsuinda kubikwe ukuthi imoto ethwala imali ibisanda kuqoqa imali ezitolo ezahlukene ngesikhathi idutshulwa ku-M19 ngabasolwa okubikwa ukuthi bebehamba ngezimoto eziningi.
“Ngesikhathi sokudubulana kwadubuleka kwalimala abantu ababili. Abasolwa bahlulekile ukuthola imali, nokho bakwazile ukuphuca onogada izibhamu zabo ezimbili.”
Uthe amaphoyisa KwaZulu-Natal aphenya amacala okubamba inkunzi ngesihluku, amabili okuzama ukubulala nelokuzama ukubamba inkunzi.
Ngokusho kokhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS uGarrith Jamieson baphendule isigameko esiseduze nesigameko, esenzeke ngemuva kweReservoir Hills, ngezithuba zabo-18:00.
“Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola izikhulu zakwa-SAPS nezokuPhepha zivaliwe umgwaqo nemoto yemali ilimele inezimbobo zezinhlamvu eziningi.
“Abezimo eziphuthumayo bakhonjiswe lapho bekukhona omunye wonogada bamthola enamanxeba avulekile ezingalweni.”