intatheli Yothukela

KUHLOLWE UKUSETSHENZISWA KWEZINSIZA KULABO ABATHOLA UXHASO LOKUZITHUTHUKISA

Umnyango wezokuThuthukiswa koMnotho kuMasipala waseMfolozi oholwa iMeya uKhansela Xolani Bhengu behambisana nekomiti lezokuHlela nokuThuthukiswa Komnotho kuMaipala King Cetshwayo osukwini lwanamhlanje bavakashele ama-ward ahlukene ngenhloso yokuhlola labo ababethole uxhaso lokuzithuthukisa nokuthi ikhona yini inqubekela phambili kanye nezingqinamba abahlangabezana nazo emabhizinisini abo. Abahlomula babenikwe izinsiza zokuthuthukisa amabhizini ehlukene ukuze baziphilise badale namathuba omsebenzi.USihlalo wekomiti uKhansela Sihle Magubane…

Read More

KUGQAME ITHALENTE ELIYISIMANGA EMIDLALWENI YEZIKOLE EMNAMBITHI

Kubonakale ithalente eliyisimanga ngesikhathi kubanjwa imidlalo yezikole eMnambithi e-Acaciavale Sports Ground ebihlelwe uMnyango Wezemidlalo kanye namaciko. Kule midlalo bekukhona ibhola lomnqakiswano kanye nebhola lezinyawo, lapho izikole ezahlukene zibambe iqhaza khona, okubalwa iWindsor High School, Dr Joseph Shabalala Secondary School, Steadville High School kanye neMhlanganyelwa Combined School. Emdlalweni weNetball, iSteadville High iphumelele ngokushaya iWindsor High School,…

Read More

AKHIHLE ISILILO EVAKASHELWA NGUNDUNANKUKU AMALUNGU OMNDENI WABAYISIKHOMBISA ABABULEWE

Kube nesimo esibuhlungu ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ehambele umndeni wakwaMonswamy ohlangabezane nesigameko esesabekayo sokulahlekelwa amalunga awo ayisikhombisa ngenxa yokubulawa ngesihluku. Kubikwa ukuthi laba bantu abayisikhombisa bathunjwa eMandeni, bathathwa bayiswa eMelmoth lapho bafike babulawa khona ngesihluku esikhulu. Phakathi kwabo kukhona abesifazane abane nabesilisa abathathu. UNdunankulu uveze ukudabuka okukhulu ngalesi sigameko, wanxusa umndeni kanye nomphakathi…

Read More

UMPHATHISWA WEZEMIDLALO UVAKASHELE ISIKOLE SAMABANGA APHANSI IACACIAVALE PRIMARY SCHOOL

Njengenxyenye yezinhlelo ezandulela umgubho wosuku lweNkukuleko,njengoba kuyinyanga yokukhumbula nokugubha inkululeko eningizimu Afrika ,uNgqongqoshe wezemidlalo amaciko namasiko esfundazweni sakwaZulu-Natal UMnu Mntomuhle khawula osukwini lwanamhlanje uhambele iskole samabanga aphansi iAcaciavale primary School kuward 20 ngaphansi kuka Masipala waseAlfred Duma.Ihloso yaloluhambo lukaNgqongqoshe,ukufundisa intsa kabanzi ngosuku lwenkululeko kanye namagugu esifundazwe.

Read More

BATSHELWE UKUTHI BENGABE BESAZIVULA IZITOLO ZABO ABOKUFIKA ABAVALE NGESIKHATHI KUNEMASHI EMTSHEZI

Kutshelwe abokufika abavale izitolo zabo ngesikhathi kunemashi eMtshezi ukuthi bangabe besavula ngoba bezivalule ngesikhathi kunemashi namuhla. Le mashi ibihlelwe yiMeya yaseNkosi Langalibalele, uMduduzi Myeza, ngenhloso yokubhekana nodaba lwabantu abangekho emthethweni kuleli. Imashi ibihanjelwe yizinkumbi zomphakathi waseMtshezi kanye nesishoshovu uPhakelumthakathi, lapho abahlanganyeli behambe ezitaladini bephethe izingqwembe ezibhalwe “Mabahambe”. UMeya uthe ukuvalwa kwezinye izitolo ngesikhathi semashi kubonisa…

Read More

I-MDDA IBAMBE I-WORKSHOP YABAXHASWA EMKHAKHENI WEZINDABA ZOMPHAKATHI

I-Media Development and Diversity Agency (MDDA) ibambe ngokusemthethweni iGrantee Orientation Workshop (GOW) yezinsuku ezimbili eKempton Park, eGauteng, eqhubeka kusukela mhla zingama-21 kuya zingama-22 kuMbasa 2026. Lo mcimbi uhlanganise amaphrojekthi ezindaba zomphakathi angama-32 axhaswe ngaphansi kohlelo lokuxhaswa luka-2025/26. Lokhu kufaka phakathi iziteshi zomsakazo zomphakathi ezingama-22 kanye namaplatforms ezindaba zokubhala nezedijithali eziyi-10, ezimele zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye zaseNingizimu…

Read More

AMAPHOYISA ASE-KZN AXWAYISE ABAHLELI BAMAMASHI NGOKUTHI YONKE INTO KUMELE BAYENZE NGOMTHETHO

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal axwayise labo abahlela, abahola noma ababamba iqhaza emibhikishweni ukuthi kumele benze konke ngaphansi kwemigomo yomthetho.Lesi sixwayiso silandela uchungechunge lwemibhikisho eThekwini nakwezinye izingxenye zesifundazwe, eminye egxile odabeni lwabokufika, kanye namavidiyo asabalele ezinkundleni zokuxhumana abonisa izenzo zokungahloniphi umthetho. Amaphoyisa agcizelele ukuthi nakuba ukubhikisha kuyilungelo elisemthethweni, akumele kwephule amalungelo abanye abantu. Kuphinde kwacaciswa ukuthi akukho mhlali…

Read More

UMASIPALA INKOSI LANGALIBALELE WETHULE ISAPHULELO SOKUKHOKHA INTELA NAMA-ACCOUNTSU

Masipala waseNkosi Langalibalele wethule uhlelo olukhethekile lwesaphulelo sokukhokha intela yomhlaba, izinsiza kanye nokuthuthwa kukadoti ngenhloso yokukhuthaza umphakathi ukuthi ukhokhe izikweletu zawo.Lolu hlelo lunikeza izindlela ezimbili zokuhlomula: Uhlelo 1: Umuntu uthola isaphulelo esingu-50% esikweletini uma ekhokha u-50% wesikweletu ngokushesha ngesikhathi kusayinwa isivumelwano. Uhlelo 2: Umuntu uthola isaphulelo esingu-40% esikweletini (kubalwa nenzalo), bese u-60% ukhokhwa ngezitolimende ezinyangeni…

Read More

BAYAVELA NAMUHLA ABASOLWA ABATHATHU ABATHOLAKALE NEZIDAKAMIZWA EBERGVILLE

Abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-30 no-39 kulindeleke ukuthi bavele enkantolo namuhla ngamacala ahlobene nezidakamizwa, kulandela ukuboshwa kwabo ngempelasonto edlule.Laba basolwa baboshwe amalungu e-uThukela District SAPS Intervention Task Team ngesikhathi kuqhutshwa umkhankaso wokulwa nobugebengu ezindaweni zaseBergville naseWinterton. Ababili baboshwe eBergville kanti oyedwa waboshwa eWinterton.Ngesikhathi kuboshwa, amaphoyisa athole amaphilisi eMandrax, amakhepsuli okusolwa ukuthi yi-heroin, kanye neCrystal Meth…

Read More

AQALILE UKUZIQEQESHELA IDUNDEE JULY AMAHHASHI EDUNDEE

I-JB Mchunu Foundation ibambe umqhudelwano wamahhashi endaweni yaseVumbuka, ngaphansi kukaMasipala waseNdumeni kuWard 6, lapho lo mcimbi ube yimpumelelo enkulu. Lo mqhudelwano ubuhlanganisa abesilisa nabesifazane, kwaba nemiklomelo ehlukeneyo ewinwayo, ngenhloso yokulolonga amahhashi ukuze alungele imiqhudelwano emikhulu efana neDundee July, edonsa izinkumbi zojoki nabalandeli. Abahleli baveze ukuthi lo mcimbi usuzoba yinto eyenzeka minyaka yonke eVumbuka, okuzophinde kudale…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved