Isikhathi sokuqala konyaka abazali abaningi bagasela ezitolo lapho bethengela khona abantwana izinto zesikole njengo belungisela ukuvula kwezikole. Ngakolunye uhlangothi kunalabo azulelwa ngmakhanda ngoba bayalelwa ukuba bathenge ezikoleni, okanye bakhonjwe ezitolo ezithile ezisebenzisana nezikole nabakhala ngokuthi kumba eqolo.
Abe Competition Commission sebekhiphe umyalelo kubazali mayelana nokuthengwa komfaniswano wabantwana babo, ngokusho kwalo okulumela lekhomishane uKarabo Motaung uthi ” ngonyaka ka 2021 bavumelana nezikole ukuthi ziyeke ukusebenzisana nabathize bese bephoqa abazali ukuthi bathenge kulabo umfaniswano wezingane”
Zibalelwa ku 220 izikhalazo ezitholwe yilekhomishane ezivela kubazali ngokudayiselwa umfaniswano ngalendlela uKarabo Motaung uthi lokhu kusobala ukuthi kusanezikole ezenza lomkhuba nakuba bawukhuza.
UKarabo ucele abazali ukuba makwenzeka badibane nalesi simo bashayele inombolo yabo engu
“084 7430000 okanye besebenzise i-email “[email protected]
Bangaphinde bagcwalise ifomu kwi website yabo.