Usihlalo wePremier Soccer League (PSL) uDkt Irvin Khoza kubikwa ukuthi useveze ukuthi kungenzeka ahoxe kulesi sikhundla ngokuthi akhethe ukungalungeneleli ukhetho lwePSL oluzoba ngoNovemba nonyaka.
Imithombo esondelene nalesi nalesi sikhuu sebhola kuleli ikhomba ukuthi uKhoza ubona sekuyisikhathi sokuthi adlulise isibani, uyasibona isidingo sokuhlehla aphumule ngemuva kweminyaka ecela emashumini amabili ephethe. UKhoza, obenethonya elikhulu nenhlonipho, usephathe iligi kusukela ngo-2003, eyilolonge yaba omunye wemiqhudelwano ephambili kanobhutshuzwayo e-Afrika.
UKhoza oneminyaka engu-76 ubudala uyavuma ukuthi usekhulile futhi ukholelwa ukuthi sekuyisikhathi sobuholi obusha ngemuva kwamahlandla amahlanu. Isikhathi sakhe sokuphatha sithathwa njengesibe yimpumelelo enkulu, okuhlanganisa nezivumelwano zokusakaza ezinenzuzo eziguqule isimo sezimali salenhlangano.
Izindaba zokuthi uKhoza angase ahambe seziqubule ukukhathazeka kubaxhasi, abatshalizimali, nabalingani bokusakaza, abazisa ubuholi bakhe obuqinile. Imibuzo ibheke phezu kwezinhlelo zokulandelana, nabantu abambalwa ababonakala bengakwazi ukungena ezicathulweni zakhe.
Yize kuthiwa kunengcindezi yokuthi abeke phansi izintambo ikakhulukazi eqhamuka emndenini wakhe, kodwa ukuzinikela kukaKhoza kweyeligi akungatshazwa. Umlando wakhe ubonakala ngokusimama nokukhula kwePSL, nakuba ukushiya kwakhe ngokungangabazeki kuzoshiya isikhala esingeke sivaleke kalula. Imizamo yokuthola uKhoza nesikhulu esiphezulu sePSL uMato Madlala ukuze baphawule ngalolu daba ayiphumelelanga.