Omele iNkatha Freedom Party (IFP) KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe isenzo samaphoyisa ngohlaka lwezimoto zakhe ngoLwesithathu ebusuku bekuwumzamo wokuphazamisa umkhankaso wakhe wokhetho.
Amaphoyisa kanye nozakwabo kaMasipala weTheku bamise izimoto ezihamba uHlabisa nabaqaphi bakhe bashaqa izimoto ezinamalambu aluhlaza ku-N2.
UNtuli, ophinde abe yiMeya yoMkhandlu wesiFunda iKing Cetshwayo ogwini olusenyakatho yesifundazwe uthe angaphezu kuka-15 amaphoyisa abehlome eyizingovolo aseshe onogada bakhe.
Uthi, “Babe sebeshaqa izibhamu zabavikeli, labo ababengivikela. Bathatha izikhwama zami, base benikeza umyalelo wokuba bakhanyise amalambu aluhlaza ngoba amalambu aluhlaza ayengakhanyi. Sebekwenzile lokho babe sebethi, ‘unayo yini imvume yokushayela imoto enamalambu aluhlaza okwesibhakabhaka, empeleni asizange siqonde ukuthi yini ngempela le ababeyifuna, noma ngabe izibhamu, noma kwakuyizo yini?’ ukucosha izikhwama noma amalambu aluhlaza.”