Amaphoyisa KwaZulu-Natal abulale abanye abasolwa abathathu okusolwa ukuthi bayathinteka ekuqhunyisweni kwe-ATM Eskhaleni.
Amaphoyisa athe laba abathathu bebesendaweni yabo yokucasha ngesikhathi kuqhuma isibhamu ezintatha zangoLwesihlanu.
Ukudubulana kwenzeke esikhathini esingaphansi kwamahora angu-24 amaphoyisa edubule abulala umsolwa oyedwa ohlobene nokuqhunyiswa kwe-ATM esitolo ngoLwesine. Kuboshwe nomshayeli obebaleka.
Uphiko lwezobuNhloli lwamaphoyisa luhole umkhankaso eMpangeni. Balokhu belandele umkhondo wabasolwa abathathu abebefunwa ngamacala okubulala okungenani angu-10 esifundazweni sonke.
Amaphoyisa athe ngesikhathi ememezela ukuthi abekhona, ahlangabezene nenqwaba yezinhlamvu.
“Ngesikhathi amaphoyisa ememezela ukuthi kukhona abasolwa, abasolwa bavulela ngenhlamvu, kwaqubuka ukudubulana kwagcina ngokuthi abasolwa abathathu balimele kabi,” kusho okhulumela amaphoyisa uRobert Netshiunda.
UNetshiunda uthe kutholwe izibhamu ezimbili endaweni yesigameko.