Injabulo ibibhalwe emehleni kwikhansela lase Burford uMnuz Mthokozisi Khoza njengoba isicela sakhe kanye nomyango wezinhlekelele oThukela siphumelele.
Izinhlangano ezizimele ezinjengo Adra kanye no Red Cross zihambele indawo yase Burford ngolwesithathu, lapho zidlulise izijumbana zokudla ezingu 70 kanye nezingubo zokulala nokunye okungalekelela abakhahlamezeka.
Owesifazane wase Burford osekhulile uthe uyabonga kuMkhathini nethimba lakhe ngoba noma kade bengabheke lutho olutheni kodwa abakwenzile bakhombisile ukuthi banesifiso sokwenza okukhulu ngakho ke umphakathi uyadinga ukwesekwa.
Ukhansela uKhoza uthi uyabonga kwithimba lezinhlekelele, u Adra kanye no Red Cross ukuthi uzofaka isandla kubahlali uthi lezinhlangano zithembisile ukuthi zizobuya ngoba ngathi abantu baningi kakhulu abalinyalelwe.
Wacela ukuthi uma kukhona omunye ongabasiza cela asondele ngoba ngeke baluqabe bona usizo kulesimo ezinzima kangaka..