Njengoba kudingidwa izinguquko kanye nezinkontileka eziteshini zomsakazo eziningi, ikusasa lomsakazi odumile, uTbo Touch, limile kuMetro FM. Yize zonke izinkontileka bezizovuselelwa ngoFebhuwari emsakazweni kahulumeni, uTbo Touch ubengakasayini inkontileka entsha.
Lo msakazi oneminyaka engu-43 ubudala weMetro FM oshayela uhlelo lwantambama ujoyine lesi siteshi okwesibili ngo-2022 ngemuva kokushiya lesi siteshi ngo-2016. Ubesesebenze kwaSABC iminyaka engu-11 ngesikhathi esula. Ngokusho komthombo walo msakazeli womphakathi, uTbo Touch uyena kuphela umethuli wezinhlelo ongakasayini inkontileka entsha nalo msakazo ngenxa yokuthi iSABC naye abahambisani ngemibandela ethile. “Akaneme ngokukhula kwakhe kulesi siteshi, uthi kunamabhizinisi akhe angakwazi ukuwenza uma esebenza kwaSABC ngenxa yokushayisana kwemibono, akakwazi futh ukubonakala nezimbangi zomsakazo womphakathi,” kusho umthombo.
Umthombo uqhube wathi enye inkinga wukuthi uTbo Touch ubuyiselwe emsakazweni yisikhulu esiphezulu esisanda kushiya kulo msakazo. Yize ezwana nesikhulu esisha kodwa ulangazelela ukukhula, udaba alukho ngemali kodwa lumkhathaza ngokukhula kwakhe esiteshini,” kwengeza umthombo.
Amahlebezi athi uTbo Touch uthintwe ngabakwaPrimedia abangu-947. Lesi sitebele sigabe ngabasakazi abanjengoRobert Marawa, Mo Flava no-Anele Mdoda. “Uke waba nomhlangano nabaphathi besiteshi, kodwa akukaphothulwa lutho. Uma i-SABC ingaxegisi imibandela yokuqashwa kwakhe, angase aye ku-947.” UTbo Touch akatholakalanga ukuba aphawule ngemuva kwemizamo eminingi yokumthola.
Omunye umsakazi okuthiwa uyashiya kulomsakazo uDJ Sphe okuthiwa izojoyina iGagasi FM. Ngokwemithombo, uSphe uzobe eshayela uhlelo lwantambama kulesi siteshi. “I-SABC izamile ukumvimba ukuthi ahambe. Baze bamnikeza isidlo sasekuseni ngezimpelasonto, kodwa wenqaba ngoba akwenzi mqondo ukusingatha isidlo sasekuseni sangempelasonto ekubeni engu-DJ. Kuzomele aphuthelwe amanye ama-gigs” kwengeza umthombo. Okhulumela iSABC, uMmoni Seapolelo, uthe isiteshi simatasa nokuphothula izingxoxo futhi simatasa nesitatimende salolu hlu esizophuma maduze.