UNgqongqoshe kagesi uKgosientsho Ramokgopa uthe unesiqiniseko sokuthi amalambu azohlala ekhanya ngaso sonke isikhathi samaholidi kaKhisimusi.
Utshele abezindaba ngoLwesine ngesimo sikagesi, njengoba izwe ligubha usuku lwesikhombisa ngaphandle kokucishwa kukagesi.
URamokgopa uthe bakhuphule izinga nokuqaphela ekulungisweni kukagesi okube nomthelela ekumisweni kokunqanyulwa kukagesi.
U-Eskom uthe kuyabonaka umehluko mkhulu impela endleleni yokusebenza kulenkampani. Ungqongqoshe uncome kakhulu abasebenzi balenkampani ngokusebenza ngokuzikhandla.
“Amalambu amakhandlela azobe ekhona hhayi ukuze enze umsebenzi oyinhloko wokukhanyisa kodwa ngowokugubha futhi sizoba nezibani ezifanele ukuqinisekisa ukuthi singenisa u-2024,” kunaba uRamokgopa
URamokgopa uthe u-Eskom usebenzela nokuqinisekisa ukuthi ukunqanyulwa kukagesi kuyafana, ukuze ukunqanyulwa kukagesi kungalandelwa yizikhathi ezinde zezigaba eziphezulu zokucinywa kukagesi.