Umshayisibhakela waseNingizimu Afrika, uDingaan Thobela, udlule emhlabeni eneminyaka engu-57.
Imibiko ithi uThobela utholwe eshonile emzini wakhe oseMayfair, eGoli ngemuva kokuxinwa wukugula.
‘The Rose of Soweto’ – ogama lakhe langempela uDingaan Bongane Thobela – ubengaphilile muva nje.
Umngani wakhe esemncane, u-Eddie Mutungutungu, ukuqinisekisile ukuthi umpetha womhlaba, 57, utholwe eshonile ngemuva kokuthi imizamo eminingi yokuxhumana naye ingaphumeleli.
“Ubengatholakali kumakhalekhukhwini wakhe, kanti umndeni wakhe, ephelezelwa amaphoyisa, ukwazile ukungena lapho ehlala khona bathola ukuthi useshonile,” kusho uMutungutu etshela iSowetan.
UThobela akakwazanga ukuhambela ingqungquthela yeBoxing SA emahhovisi e-Arena Holdings eParktown ngoLwesihlanu olwedlule ngenxa yokugula.
UThobela ubambe izicoco zomhlaba ezintathu ezisindweni ezimbili, ezimbili zokuqala kube ezeWBO nele-WBA esigabeni se-lightweight azinqobe ekuqaleni kwesizini yakhe eqhakaza ngaphansi komqeqeshi uNorman Hlabane.
Emasontweni amabili edlule, uJoseph Makaringe – owayengumpetha we-SA welterweight – udlule emhlabeni ngemuva kokugula isikhashana.