Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) abizelwe endlini yesonto eBuffelsdraai lapho befika, abeReaction Officers bathole isixuku sizungeza owesilisa ophuma igazi ngenxa yokulimala ebusweni bakhe.
Kutholakale ukuthi umsolwa ungene esontweni ngesikhathi amalungu ebandla engaphandle elungiselela umkhuleko. Umsolwa ubanjwe oqotsheni ekhuthuza izikhwama zamalungu ebandla abematasa edumisa uJehova..
Uvalelwe kuleli bhilidi elakhiwe ngesikhathi elinde abomthetho ukuthi bafike. Isela liphume ngefasitela labalekela ehlathini eliminyene. Isixuku samjaha futhi sambamba okwesibili.
Lamakholwa kuthiwa abe esemtitinya lomlisa oboshwe egcwele igaza emzimbeni nasebusweni.