Abafundi base Bergville abangaphansi kohlelo lwe Learnership ye Business Administration badlulise izikhalazo zabo ngokungatholi iholo labo abalithola zinyanga zonke nosekuphele izinyanga ezimbili, labafundi bathi kabasazi ngokuqhubekayo njengoba bengatholi ukucaciseleka ngokwenzeka ngabo manje okubaphatha kabi kakhulu ngukuthi ukuya lapho befundela khona kusuke kumele bagibele nosekubadalele izikweletu nokungathembakali kubashayeli nabanikazi bezimoto.
Iphephandaba lithinte umphathi wenkampani iMnambithi Factotum okuyiyo ehlinzeka ngale Learnership ngokusizwa yi Services SETA uthi abafundi mabangakhathazeki bazoyithola imiholo yabo uyaxolisa kakhulu ngokubambezeleka kwezinto njengoba bekungamaholidi okudala ukuthi kuvalwe emahhovisi okanye abanye abasebenzi bengabi bikho kodwa manje zonke izinto sezilungisiwe ukuze akhokhelwe yiSETA nokuyilapho ezokhona ukukhokhela abafundi bese bethola izitifiketi zabo.