Iqeqebana lababhikishi ababalelwa ku-22 basePhoenix, enyakatho yeTheku, bahlele ukuthathela uphiko lwamaphoyisa iSouth African Police Service (Saps) izinyathelo zomthetho ngezinsolo zokusebenzisa amandla ngokweqile ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho wokunqamuka kwamanzi endaweni.
IVoice of Phoenix, inhlangano yomphakathi ehlele lo mbhikisho, ithe babalelwa ku-12 abantu asebefikile kubo bebeluleka ukuthi bengabasiza ekuvulei icala, ngokusho komholi uVassie Govender. U-Govender usebenzise usizo lomeluleki wezomthetho u-Miten Narain wase-Phoenix ukuze asize endleleni yezomthetho eya phambili.
UGovender uthe umbhikisho ubunokuthula kodwa amaphoyisa avulele ngenhlamvu adubula abantu ngezinhlamvu zenjoloba. Uhlela ukulusukumela phezulu lolu daba ngoba luthinta udaba olubucayi, olwamanzi. Imemorandamu ithunyelwe nge-eMAIL kuMasipala weTheku ngoMsombuluko ekuseni, ngemuva kwalokho kwaqala ukuBA umbhikisho.
Ngasekuqaleni kwaleli sonto, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe isixuku sibe nodlame sajikijela amaphoyisa ngamatshe nokuyikho okudale ukuthi kuthathwe izinyathelo zokulawula izixuku.
“Kudingeke ukuthi kusetshenziswe amandla amancane ngemuva kokuthi isixuku sibe nodlame. Bebejikijela amaphoyisa ngamatshe nezitini,” kusho uGwala.
Khonamanjalo, ababhikishi abathathu ababoshelwe udlame emphakathini, abaneminyaka engu-24, 26 kanye no-50 ubudala, bakhululwe njengoba umbuso ungazange unikeze ubufakazi obanele ngabo, kubika i Post.