INational Rationalized Specifications Association of South Africa (NRS) ithi isimo esikhona sokungaphazamiseki kukagesi ngeke sihlale unomphela, njengoba sizonyuka maduze nje isidingo.
USihlalo we-NRS uVally Padayachee uthi ukuhlinzekwa kukagesi okuqhubekayo kungenxa yezimboni ezinkulu ezidla ugesi ezivaliwe ngesikhathi samaholidi, kanti uma nje zivula lezi zimboni kuzobuya futhi ukucinywa kukagesi.
I-NRS iyingxenye enkulu yebhodi elibhekelele ukusebenza komthethonqubo olawula ukucishwa kukagesi.
“Ngeshwa, ngokwemukela kukaNgqongqoshe Wezamandla kagesi, lokhu kuzothatha isikhathi esifushane ngoba sisesimweni lapho ugesi udlula isidingo. Ngingasho ngokuphawulekayo futhi lokho kungenxa yokuthi iningi labathengi bethu abaphezulu, izimboni, izimayini, ezentengiso, izimboni zonke zivaliwe noma eziningi zazo zivaliwe. Ngakho-ke, sikuleso sikhathi esihle sokukwazi ukuhlangabezana nezidingo zawo wonke umuntu zikagesi.”
Ngeviki eledlule uNgqongqoshe kagesi uMnumzane Ramokgopa wamemezela ukuthi akuzukuba nokucinywa kukagesi kulamaholidi. UNgqongqoshe wathi lokhu kungenxa yokulunga kweziphehlimandla ezehlukene kuleli ebezikade zingsebenzi. Waphinda wancoma ukusebenza kanzima bakulenkampani.