UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uthe imali elinganiselwa kuhhafu wesigidi yasetshenziswa wuhulumeni ukuthumela yena nomsizi wakhe ukuyobuka umdlalo wamanqamu weNdebe yoMhlaba yeRugby ebiseFrance.
Empendulweni yakamuva yePhalamende, uCele uveze ukuthi uMnyango Wezamaphoyisa wasebenzisa imali engaphezudlwana kuka-R33,000 ngezindleko zakhe zokuhamba.
Kodwa cishe imali engu-R450,000 esetshenziswe yithimba labasizi bakhe esisuse umsindo.
UCele uthe uhambo lwakhe luxhaswe yinkampani ezimele.
Nokho-ke ngenxa yokuthi wayehamba ngokwesikhundla sakhe njengoNgqongqoshe kwadingeka ukuthi abasizi bakhe bamphelezele.
Ekhuluma eSebokeng ngoLwesibili, uCele uthe lonke lolu udaba lwenziwa ihaba nje.
“Ongqongqoshe njalo ngezimpelasonto baya emngcwabeni, bahamba nabasebenzi babo, bahamba ngezimoto zabo zongqongqoshe akekho obale ukuthi yimalini esetshenziswe kulokho,” kuchaza uNdosi
UCele uthe wabika ngohambo oluxhasiwe esimemezelweni sakhe saminyaka yonke ePhalamende.