Akuhambi kahle emshadweni ophakathi kweNdlovukazi yabaThembu uNolubabalo Khazeka Mcinga kanye neNkosi yalesi sizwe INkosi Buyelekhaya Dalindyebo.
Akuphelanga ngisho izinyanga ezine laba bobabili beshadile njengoba babopha ifindo lomshado ngoNcwaba kulonyaka kodwa imibiko iveza ukuthi laba sebehlala ngokwehlukana.
Kumanje iNdlovukazi uKhazeka usesezinhlungwini ngokushonelwa ngumngani wakhe omkhulu nomculi uZahara uthi yisikhathi sokuvivinywa kuyena lesi njengoba nomshado wakhe neNkosi uDalindyebo ube “ngesinye sezikhathi ezinzima kakhulu” empilweni yakhe.
Phakathi kwezinye zezinto akakhala ngazo ukuthi iNkosi ayifuni athandaze ebusuku, “Mina ngingumuntu okhulekayo, njalo phakathi kwamabili ngiyavuka ngikhuleke, iNkosi iyakuzonda lokhu. Uhlale njalo engitshela ukuthi angihlukane nokuthandaza kodwa wayethe ungithanda ngenxa yokholo lwami,” kusho uNdlovukazi Khazeka etshela iphephabhuku iZiMoja.
“Ngibekezelele okuningi futhi kulobu budlelwano, ngiyalimala kakhulu ngoba ziningi izingxabano zangaphakathi nezasekhaya ezingithintayo. Ngangena ngizosiza ekwakheni umuzi weSilo, hhayi ukuzongena ipolitiki yakhona. Akafuni nhlobo ngibe nefoni kodwa nganqaba ngaba nayo ngenkani, manje ufuna ukwazi ukuthi ngikhuluma nobani nini ocingweni lami. Ngiyavinjwa ukukhuluma emicimbini emikhulu. Lokhu kungaphezulu nje. Angifisi ukujula kakhulu ezindabeni zaseNdlunkulu, njengoba ngisahlonipha iSilo kodwa angiphathekile kahle.’
UNdlovukazi uKhazeka uthi usekubhaceni ucashele yena umyeni wakhe. “Ngangingacabangi ukuthi ukuthanda inkosi ephikisanayo kungabuyisela emuva futhi kuthinte zonke izici zokuphila kwami, kuhlanganise nomsebenzi wami engawakha kudala ngaphambi kokuba sihlangane.”