UNGQONGQOSHE WEZOLIMO UHLANGANE NABADAYISI BEMFUYO ESIFUNDAZWENI KZN


UNgqongqoshe woMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya, uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa, uhlangane nabadayisi bemfuyo ukuze kusungulwe ubudlelwano bokusebenzisana okuhloswe ngakho ukuqinisekisa ukuthi iyalandelwa imithetho evimbela ukuhambiswa kwemfuyo ezindaweni ezahlukene ngenxa yokubhebhetheka kwesifo samatele.lomhlangano ububanjelwe eDurban Marine Building.

Lezingxoxo bezigxile esiphakamisweni sezinkampani ezizimele,zokuba bavunyelwa ukudayisa imfuyo nezindali.

UNgqongqoshe,ube esekugcizelela ukuthi umkhakha kumele uhambisane nemithetho elawula ukuhambiswa kwemfuyo ezindaweni ezahlukene, okuhlanganisa nemikhawulo yokungena nokuphuma kwezilwane esifundazweni, kuze kube ziyagonywa zinkomo eziyizigidi ezingu-2.5 esifundazweni.

Uqhube wathi “asikwazi ukuvumela izinkomo ezingagonyiwe ezivela kwezinye izifundazwe zingene esifundazweni saKwaZulu-Natal,nakuba sekukhona esezigonyiwe”

Khonamanjalo umnyango wezolimo uthi zingaphezu kuka-670,000 izinkomo ezithengiswayo kanye nezikamphakathi esezigonyiwe kusukela kuqale uhlelo lokugoma esifundazweni ngoFebhuwari 26, 2026. Amathimba aholwa odokotela bezilwane aseyaluphetha loluhlelo lokugoma kwisifunda uMkhanyakude ukuze baqhubekele kwezinye.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved