Liphelelwe umhlaba iqola laseBergville eselibaqedile abantu besimame bakulendawo libawaka ngokuthi liyinyanga lizobasiza ngokubaxazululela izinkinga ababhekene nazo kanti lisenga ezimithiyo lifuna ukubaqola izimali zabo.
Lona wesilisa kuthiwa ubewaka laba besimame ebathembisa ukuthi unemithi engaxazulula izinkinga zabo ezehlukehlukene. Laba besifazane bebenikeza lona wesilisa imali ngethemba lokuthi bazosizakala ezinkingeni zabo, kodwa begcine bengatholi lutho, lomlisa anyamalale nezimali zabo.
Limshonele ke elakubo lomlisa ngoba kuthiwa namhlanje edolobheni laba besifazane bamthelekele bamshaya baze bamkhumula wahamba jwabu jwabu. Babodwa abebememza bethi,”iphi imali yethu qola ndini nemithi engasebenzi!”
Omunye wesifazane uzwakale ememza ethi “akakhunyulwe ahambe nqunu ngoba uyisigebengu!!” Lona wesilisa kuthiwa ulanyulelwe wukufika kwabakwasidlodlo lamakhosikazi esho ukumqeda nya lomlisa.
Akukacaci noma likhona yini icala elivuliwe mayelana nalesi sigameko.