uMasipala weTheku kanye nenhlangano ezimele i-Adopt-a-River and Talbot bakhiphe umbiko okhombisa ukwenyuka kwegciwane elaziwa nge -E. coli emabhishi akuleli dolobha.
Kusukela emabhishi aseningizimu njenge-Ushaka kuya emabhishi asenyakatho njenge-Country Club Beach, amazinga e-E. coli asedlule amazinga athathwa ngokuthi aphephile ukuthi lamabhishi angasetshenziswa.
Amabhishi ayisithupha agudle ugu lwaseThekwini i-Ushaka, i-Point Beach, i-South Beach, i-North Beach, i-Battery Beach, ne-Country Club beach, ahloliwe, wonke atholakala engaphephile ngokwemibandela nemigomo kamasipala neTalbot. Lamabhishi avaliwe selokhu kwethulwa imiphumela yokuhlolwa.
Umasipala uthe sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukubona izinga eliphezulu kangaka laleligciwane ngemuva kwemvula enamandla, leligciwane kuthiwa lidalwa ukungcoliswa kwemifula nemifudlana okudala ukuthi lokho kungcola kutheleleke olwandle.
Amazinga aphezulu e-E. coli emanzini awumphumela wengqalasizinda eyonakele eyenzeka ngesikhathi sezikhukhula ngo-April 2022 futhi kusukela ngaleso sikhathi sekugunyazwe ukuhlolwa okungaguquki ohlangothini lukamasipala nezinhlangano ezizimele ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwezakhamuzi.
Ngokwe-World Health Organization, i-E. coli iyigciwane elivamile elitholakala emathunjini abantu nezinye izilwane ezinegazi elifudumele.