Namanje awukakholwa umphakathi waseKuvukeni ngase Uitval eMnambithi ngengozi enyantisa igazi eyenzeke emgwaqeni iHelpmekaar ntambama namhlanje.
Imibiko ithi lengozi yenzeke ngaseSteshini samaphoyisa khona eKuvukeni maduzane nerenke yamatekisi. Abazibonele ngawabo bathi kutholane phezulu imoto encane yohlobo lweToyota Corolla neTekisi ebigcwele phama abagibeli abebeqhamuka edolobheni eMnambithi.
Lezi zimoto kuthiwa zishayisane maqede zagqamuka amalangabi zombili. Umphakathi wakulendawo iningi lawo ebukungabashayeli bamatekisi abebeserenke ngaleso sikhathi, bazamile ukuhlenga abagibeli baphinde baphuthumisa abasindile esibhedlela.
Noma kungakacaci ukuthi bangaki abadlulile emhlabeni kodwa kuthiwa abanye babagibeli basale khona enkundleni.
Leliphephandaba lisalinde umbiko ogcwele ovela emaphoyiseni ngalengozi.