Umkhandlu uThukela usunqume ukusungula uphenyo mayena nokudatshulwa kwesithombe semeya yalomkhandlu.
Uma ungena edolobheni laseMnambithi ukhangwa yisithombe esikhulu esinobuso buka Meya woMkhandlu uThukela iNkosi Ntandoyenkosi Shabalala. Lesi sithombe siwuphawu lokwamukela bonke abantu abavakashela leli dolobha beqhamuka ngomgwaqo uN11 oqhamuka ngaseNewcastle.
Kodwa ezinyangeni ezimbalwa ezidlule kubonakala lesithombe silokhu sidabuka usuku nosuku. Nakuba kungaziwa ukuthi yini edabula lesi sithombe kodwa kusolakala engathi kukhona abahlephula lesi sithombe ngenhloso.
Kanti imenenja ehhovisi lika Meya womkhandlu uThukela uMnumzane OS Mnguni uthi bayasibona lesithombe siyahlephuka impela siyaphela, futhi sebeze bathatha isinqumo sokusungula uphenyo lokuthi ngabe ngempela lesi sidatshulwa yini.