UMCULI we-Afro soul, uSiphokazi Maraqana, owaziwa ngelikaSiphokazi, usememezele ukuthi useyiciko elizimele ngemuva kokushiya inkampani abeqopha kuyo iminyaka engu-16. Uveze lezi zindaba ku-Instagram, wathi akasasayiniwe noma akasaphethwe yile nkampani.
Emyalezweni wakhe, lo mculi owine inqwaba yezindondo phambilini ubonge abalandeli bakhe, umndeni nabangane ngokumeseka. Ukhulume ngezingqinamba abhekane nazo endimeni yomculo okubalwa kuzo imingcele yokuqopha umculo omusha kanye nobunzima bokuba ngowesifazane emculweni. Phezu kwalezi zinselelo uthe usekhulile ngokobuciko kule minyaka edlule.
USiphokazi waziwa ngezingoma ezithi Ubuhle Bakho necwecwe lakhe lokuqala elithi Ubuntu Bam, elaphuma ngo-2007. Uthe ujabule ngekusasa futhi uhlela ukukhipha umculo omusha onomuzwa omusha, osuthuthukile. Ubalule nokusebenza nabanye abaculi ezinhlelweni ezizayo.
Abalandeli basabele ngothando nangokumeseka, bejabule ngokuthi manje usenenkululeko yakhe yokudala. Abaningi bathe sebekubheke ngabomvu ukuphinde bawuzwe umculo wakhe batusa izingoma zakhe ezikhuthazayo ezifana noNdiyabulela. Isimemezelo sakhe siphinde savusa ukwesekwa nakwabanye abaculi abahlangabezana nezinkinga zamalebula ezifana noNomcebo Zikode.