Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UVELE ENKANTOLO UNKOSIKAZI OSOLWA NGOKUBULALA UMYENI NGENXA YOMSHWALENSE

Posted on 17 June 2025

USbongile Petunia Sibisi (47) kanye nendodana yakhe angayizali, uNdumiso Romeo Mabona (23), bavele eNkantolo yeMantshi yase-Amersfoort ngomhlaka-17 Juni 2025. Babhekene necala lokubulala umyeni kaSbongile, uSydwell Sibisi, 61.

Lesi sigameko senzeka ngomhla zingama-31 kuMasingana wezi-2025. UMnu. Sibisi nelinye ilungu lomndeni babehamba phakathi kweVolksrust neDaggakraal ngesikhathi imoto yabo iphantsha isondo. Bathi besamile kuqhamuke imoto emhlophe yohlobo lweToyota Fortuner yama phambi kwabo. Kwehla abantu ababili emotweni. Babophe ilunga lomndeni ngozankosi base behlasela uMnu Sibisi ngembazo nopanga. Abahlaseli bashiye izikhali endaweni yesigameko.

Amaphoyisa avule icala lokubulala aqala uphenyo ngokushesha. Ithimba elikhethekile lasebenza kanzima kuleli cala futhi lathola ulwazi olushaqisayo. Kukholakala ukuthi ukubulawa kwalaba kuhlobene nenkohlakalo yomshwalense kanye nokweba. Abaphenyi bacabanga ukuthi umsolwa kungenzeka ukuthi wasebenzisa igama likaMnu. Sibisi emkhonyozweni womshwalense futhi wahlomula ngokwezimali ngokushona kwakhe.

Icala lihlehliselwe umhlaka-18 Juni 2025 ukuze abasolwa bathole ummeli wosizo lwezomthetho.

Leave a Reply Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Recent Posts

  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION
  • UZOLALISA OKWENGANE NAMUHLA OPHUNYULE KWELIKATHABO BESTER NOMAGUDUMANA
  • UFUNA KUBHEKISISWE INDABA YABOKUFIKA UNDUNANKULU WAKWAZULU-NATALI
  • USEZOKWAZI UKUKHIPHA UMCULO FUTHI USIPHOKAZI EMVA KOKUVALELEKA NGAHANDLE ENDIMENI IMINYAKA
  • UVELE ENKANTOLO UNKOSIKAZI OSOLWA NGOKUBULALA UMYENI NGENXA YOMSHWALENSE

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme