Usashaqekile umphakathi wase-Goodhope, endaweni yase-Roosboom ngengane yentombazane elinganiselwa eminyakeni owodwa okubikwa ukuthi ilahleke izolo ebusuku.
Ngokusho komthombo osondelene nomama wengane okukholakala ukuthi iyiwele, izolo ngezuthuba zehora lesishiyagololunye kungene umuntu endlini umama wengane esaphumile wafika wathatha ingane wabaleka nayo. Kubikwa ukuthi amaphoyisa athintiwe khona izolo ebusuku, abe asethungatha umkhondo okuze kube imanje akukho okuphathekayo.
Ngokusho komthombo sibi isimo kumama wengane njengoba engazi ukuthi uzothatha ehlanganise nani ukuze athole ingane yakhe.
“Njengamanje umama wengane usangene ikhanda, akaze alale, ulokhu ebheka ingane esikhotheni ngethemba lokuthi uzoyithola,” kusho umthombo.
Amalunga omphakathi wendawo asola owesifazane ongaziwa okubikwa ukuthi ubenokuzungeza kulendawo emasontweni andlule. Lokhu kuvezwe amalungu omphakahti ababele ekhasini lika-Facebook wendawo. Umthombo uphinde waveza ukuthi usola ukhwenyana kalomama okubikwa ukuthi usedonse iminyaka emithathu ejele ngamacala ahlukene okubalwa elokuganga emphakathini.
“Angeke sazi noma lengane ithathwe abantu ngenhloso yokuziphindiselela kubaba wengane oboshiwe ngenxa yokugangela umphakathi,” kunaba umthombo