Amabhasi angu 42 abegcwele phama abantwana basezweni laseZimbabwe abanjwe esengaphakathi kuleli ngokungemthetho.
Uphiko lwamaphoyisa aqapha imingcele kuleli iBoarder Management Authority (BMA) ithi labantwana abangaphansi kweminyaka elishumi bebegqishwe kulamabhasi ngaphandle kwabazali noma abanakekeli bawo. Loluphiko luthi luyamangala ukuthi ngempela labantwana bedlule kanjani ngasohlangothini lomncele lwaseZimbabwe beze bazofika kolwakuleli.
iBMA ibibambe isithangami sabezindaba ngesonto mayelana nesimo semingcele yakuleli. Ongumkhuzi walamaphoyisa uCommisioner Michael Masiapato uthi laba bantwana babathathe bababuyisela emumva ezweni ebebephuma kulona, “Ziningi vele izigameko zokuhwebelana ngabantwana bamantombazane phakathi kweZimbabwe neNingizimu Afrika. Laba bantwana baqeqeshwa besebancane beqeqeshelwe ukuba yizigqila zocansi.” Kuchaza uMasiapano.
UMasiapano uphinde waveza ukuthi isenkulu inkinga yabantu abangena kuleli ngokungemthetho kuleli, uqhube wathi bangaphezu kuka 44 000 abantu asebebabophile bezama ukungena kuleli ngokungemthetho selokhu beqalile ukusebenza kulonyaka.