UNgqongqoshe wezokuthutha nokuphepha KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka wethule usonkontileka ozulungisa ama imiseleehamba amanzi eceleni komgwaqo uL1524 osendaweni yasePhayikeni ngempelasonto.
uHlomuka uthi umgwaqo uL1524 sewakhiwe kodwa besekusele kulungiswe lemisele ukuze amanzi engeke abuye engwaqweni okungadala ukuthi ugcine uguguleka.
Umnyango ufake imali engu R2 Million ukuze kwenziwe lomsebenzi. Kuzoqashwa namalunga omphakathi ukuze bakwazi ukuthola amathuba omsebenzi.
Ephawula ngodaba lokuswelakala kwamanzi kulendawo nosekuyisikhashana impela engekho uHlomuka uthe uyazwelana nomphakathi wase Phayikeni ngokungabi namanzi kodwa uzozindlulisa izikhalo zabo zamanzi eminyangweni efanele.
Kanti lomcimbi ubuhanjelwe nayiNkosi yesizwe sakwaKhumalo inkosi uNhloso Khumalo othe uyajabula uma ebona uHlomuka ekhuthele kangaka ukulungisa ingqalasizinda kusho kona ukuthi uhulumeni uyabezwa bengaMakhosi uma bekhala.