Sekubanjwe inkunzi isitolo sakwaBoxer enxanxatheleni yezitolo endaweni yase Uitval ngaseKuvukeni ntambama nje.
Kuthiwa lesi sigameko senzeke enxanxatheleni yezitolo eyaziwa ngokuthi yiseSigweje Centre ntambama namuhla. Abazibonele ngawabo bathi kufike amadoda abalelwa kwayisishiyagalombili ehlome eyizingovolo. Lamadoda kuthiwa angene nezicabha maqede alalisa wonke umuntu obengaphakathi esitolo phansi maqede azenzela emishinini egcina imali esitolo.
Akekho okubikwa ukuthi ulimele kulesi sigameko kanti lamadoda kuthiwa ashaye achitha nesamba semali esingadalulwanga.