IBHANGE Ithala SOC Limited KwaZulu-Natal libhekene nezinkinga ezinkulu zezimali kanti lifuna ukubolekwa imali engango-R2.2 billion ukuze lihlale livulekile futhi lizinzile. Ibhange lethule uhlelo kuhulumeni wesifundazwe, likhombisa ukuthi lidinga u-R30 million njalo ngenyanga wezindleko ezibalulekile njengerenti, amaholo, ezokuphepha kanye nezinsiza. Njengamanje, Ithala alinamali futhi licela usizo kuhulumeni lokubhekana nalezi zindleko.
Ingxenye yesu leThala ihlanganisa ukwakha ubambiswano kanye nokuthola isiqinisekiso semalimboleko kuMgcinimafa Kazwelonke. Bahlela ukudlulisela izinsiza zabo zediphozi kulo zakwabo ngasekupheleni kuka-2026 noma ekuqaleni kuka-2027.
Ithala belisebenza ngaphansi kwemvume ekhethekile, kodwa yaphela ngoZibandlela wezi-2023. Isicelo sabo sokuba ibhange elinelayisensi ngokugcwele besingakacutshungulwa, futhi nelayisensi yabo yomshwalense isamisiwe. Kodwa-ke, ubudlelwano balo busebuhle nabanye abalawuli abafana neNational Credit Regulator kanye neFinancial Intelligence Centre.
Kusukela ngoJanuwari 2025, ukusebenza kwe-Ithala kumisiwe, futhi abakwazi ukufinyelela kuma-akhawunti abo asebhange. Ubuholi bebhange buthi lesi simo kumele sixazululwe ngokushesha ukuze kugwenywe ukuwa kanye nokuvikela imisebenzi nezinsiza.