Owesifazane waseNingizimu Afrika usabalale kuTikTok ngemuva kokuthi izingane zakhe ezingamawele zazalwa zehlukana ngesikhathi esicishe sibe yinyanga yonke.
Lona wesifazane ozibiza ngo Phlasande.mbutum kuTik tok uthi emva kokubeletha iwele lokuqala, kwadingeka alinde amasonto amathathu ngaphambi kokuthi kuzalwe elinye iwele. Uqhuba athi washaqeka kakhulu ngesikhathi ebeletha umtwana oyedwa ngoba wayazi ukuthi ukhulelwe amawele.
Uma amawele ezalwa ngokuhlukana ngokuphawulekayo, njengenyanga noma ngaphezulu, kubizwa ngokuthi yi-delayed interval delivery or delayed twin delivery. Kuthiwa lesi simo sokubeletha amawele singezinye zezingejwayelekile ngodwa siyenza. Izazi zithi lokhu kwenzeka kakhulu uma omunye umtwana ebelethwe kungakafiki isikhathi sakhe esifanele, kanti kwesinye isikhathi odokotela bakwenza ngabomu uma bebona ukuthi omunye umtwana akakakulungeli ukuphuma, lokhu kwenzeka kodwa uma otetayo eteta ngomthungo.
Bobabili labantwana baphle kahle.