Isikhulu samaphoyisa KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlanhla Mkhwanazi, sinxuse osomabhizinisi abasafufusa ukuthi bagweme ukugwazela osopolitiki ukuze bazuze amabhizinisi. Ekhuluma engqungqutheleni yaseMyezane eThekwini ngoMsombuluko, uMkhwanazi uthe iyanda inkohlakalo kuSupply chain management.
“Sibona kuningi ukugwazelwa nenkohlakalo okwenzeka ezikhulwini zikahulumeni kanye nabantu abahlinzeka ngemisebenzi ezikhungweni zikahulumeni,” usho kanje.
UMkhwanazi uphinde weluleka osomabhizinisi abasafufusa abangena embonini yotshwala ukuthi bacabange ngomthelela wabo emphakathini, waxwayisa ngokuthi ukusetshenziswa kotshwala kuvame ukuholela ezenzweni zobugebengu obunodlame, okubalwa kuzo udlame lwasemakhaya nokunukubezwa ngokocansi.