Amaphoyisa athi kuboshwe umuntu oyedwa mayelana nokuhlukunyezwa kwabathengi endaweni yobumnandi iZanzou ePitoli.
Umsolwa uboshwe eYeoville ngoLwesine ebusuku kulandela i-video yalaba balisa abaneminyaka eko-20 ubudala behlukunyezwa ngokocansi nasemzimbeni.
Lezi zithombe zisabalale ku-inthanethi kuleli sonto zasusa ulaka emphakathini nokuholele ekutheni amaphoyisa azingele abenzi bobubi abayisishiyagalombili.
Okhulumela amaphoyisa u-Athlenda Mathe uthe kusazoboshwa abanye.
“Singakuqinisekisa ukuthi lo msolwa uboshwe eYeoville ngosizo nokusebenzisana ne-JMPD ngoLwesine kusihlwa ngemuva kwehora leshumi ebusuku. Ukhonjwe yileli qembu lamaphoyisa ngesikhathi ehlola. Bangamkhomba kwamanye ama-video abesabalala.”