Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha okungenani abantu bangaphandle abayisishiyagalombili okusolwa ukuthi bayathinteka esigamekweni sokushaya ekilabhini yasePitoli okusabalale abaningi ezinkundleni zokuxhumana ubusuku bonke.
Ngokusho kwamaphoyisa uphiko oluphenya amacala athinta ucansi, ukuvikelwa kwezingane, ukuvikelwa kwezingane nophenyo lwamacala ahlobene nocansi, yilona eseluthathe uphenyo ngalesi sigameko.
Okhulumela amaphoyisa uBrig Athlenda Mathe uthe amaphoyisa aphenya amacala okudlwengula, ukushaya, ukulimaza ubugebengu, ukusabisa nokuthumba okuthiwa bekwenzeka kulendawo.
UMathe uthe ngemuva kokumemezela kwamaphoyisa ecela izisulu ukuba zize ngaphambili, izisulu ezintathu ezineminyaka engu-20, 21 no-22 zibike esiteshini samaphoyisa eBrooklyn ngoMsombuluko ebusuku.
“Ngokwezisulu, iqeqebana labangani abahlanu lahlukunyezwa. Amaphoyisa anethemba lokuthi ezinye izisulu ezimbili zizolandela futhi izitatimende zazo zizofakwa edokodweni,” kusho yena.
Izisulu zithi lesi sigameko senzeka ngoJanuwari 2023 ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kwalaba bangani abahlanu, ama-bouncers kanye nomphathi wendawo yobumnandi.
“Onogada nemenenja kusolakala ukuthi baphoqe izisulu ezinhlanu ukuthi zingene estoreroom bazishaya, babayalela ukuthi abazifaka amabhodlela otshwala esithweni sangasese baziphoqa ukuthi zenze ucansi nabo.
“Ofakazi kanye nabanolwazi ngalesi sigameko bayakhuthazwa ukuba baphumele obala bazosiza amaphoyisa ophenyo.
“Amaphoyisa aphinde acele owesilisa othi uke waba yi-bouncer endaweni yobumnandi ogama lakhe linguPablo ezinkundleni zokuxhumana ukuthi naye eze ngaphambili ukuze asize ophenyweni.”