Osomabhizinisi baseNquthu uMnumzane M. Buthelezi noNkosikazi Z. Buthelezi owaziwa kakhulu ngelika Omeida, bavuselele izifungo zomshado njengoba bebegubha iminyaka engamashumi amane (40) bashada. Lendumezulu yomcimbi ibisehholo likanokusho elaziwa nge Omeida Wedding and Conference Centre nalo okungelabo elisendaweni yase Hlathi Dam khona eNquthu.
Idolobha lime nse! Kwachwaza isikhumulo samatekisi njengoba izithuthuthu nezimoto eziyinhlabaluhide bezidlula khona edolobheni zisuka komunye wemizi walezi zicukuthwane zakwaButhelezi osendaweni yaseZicole kude buduze nedolobha iNquthu zilibhekise khona ehholo.
UMfundisi BS Madlala ongumfundisi wabandla abakhonza kulo i-Apostolic Faith Revival Centre uyena obehola inkonzo yokuvuselelwa kwezifungo. Udokotela MS Mpungose owaziwa kakhulu ngezwi legazi ubengomunye wabahlephule iZwi kulengqophamlando yomcimbi.
Lomcimbi obuhanjelwe yiNkosi yakwaMolefe kanye nongumculi kamskandi odumile uThokozani Langa, nophinde wanandisa ngezingoma zakhe zodumo udonse amehlo abantu abaningi kuleli dolobha kanye nasesifundazweni sonke saKwaZulu-Natali
Inkosi yesizwe sakwa Molefe yethula inkulumo yayo kulomcimbi, ibahalalisele yaphinde yathi yona isibathatha njengabazali uMnumzane noNkosikazi Buthelezi
Bebuzwa ukuthi bazizwa kanjani ngalolusuku baveze ukuthi babonga umusa kaNkulunkulu ngakho konke okuhle abenzele khona akusiwona amandla nokuhlakanipha kwabo okubabeke kulelizinga lempilo.