Amaphoyisa avule uphenyo ngemuva kokutholakala kwezidumbu zowesilisa nowesifazane emotweni ebivaleleke emfuleni eSoweto ngoLwesithathu.
“Laba bobabili bagcine ukubonakala bendawonye ngoFebhuwari 2 kanti kwakubikwe ukuthi balahlekile. Okwamanje akucaci ukuthi le moto ifike kanjani emfuleni,” kusho okhulumela amaphoyisa eGauteng, uLt Colonel Mavela Masondo.
Uthe amaphoyisa abikelwe ngumuntu obedlula ngendlela owabona imoto emfuleni.
“Abashonile bakhonjwa yimindeni yabo. Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungasiza ophenyweni ukuthi ashayele esiteshini samaphoyisa esiseduze noma ashayele iCrime Stop ku-08600 10111.”