Namuhla kuqeda izinsuku ezingu-92 kwaduka uKutlwano Shalaba oneminyaka emibili waseBoipatong, eVaal.
NgoLwesithathu, ngesikhathi unina uKeneiwe Shalaba ebuyela eNkantolo yeMantshi yaseVanderbijlpark ngosuku lwesithathu ezofaka isicelo sebheyili, umphenyi wecala, uSgt George Motloung, udalule ukuthi wazama kanjani ukuthi abantu bamsize bamqambele amanga ngemuva kokuba ebike ukuthi ingane ilahlekile.
Umbuso usola ukuthi uShalaba wadayisa ingane uKutlwano ngoNovemba waphinde wabika ukuthi ulahlekile. Namanje akukabibikho ulwazi mayelana nokuthi ukuphi uKutlwano.
“Ingane sisayifuna futhi silandela imikhondo. Umbuso unecala eliqinile kumfakisicelo [Shalaba]. Sisesigabeni esiphambili sophenyo,” kusho uMotloung ocele inkantolo ukuthi inqabele uShalaba ibheyili ngoba uzophazamisa ofakazi.
Ngokusho kukaMotloung, uShalaba uthi waya eThekwini noKutlwano ngoNovemba 10 beyothenga izingubo abazozidayisa. “Ingane ibingekho,” usho kanje, wengeza ngokuthi uthole izitatimende nezincwadi ezifungelwe eqenjini labesifazane uShalaba ahamba nabo KwaZulu-Natal.
Utshelwe ukuthi uShalaba ucele labo abehamba nabo ukuthi baqambe amanga uma bebuzwa ngamaphoyisa bathi ubehamba noKutlwano eThekwini.
Ngesikhathi ebika ngokulahleka kukaKutlwano ngoNovemba 13, watshela amaphoyisa ukuthi ngaphambi kokuthi ahlwithwe amadoda angaziwa ngemoto e-silver grey, wamyisa kudokotela ngoba wayengaphilile.
Kodwa uMotloung uthe udokotela okuthiwa uhlole uKutlwano waphika ukuthi akayibonanga ingane.
Uthe uthwale kanzima kakhulu ezama ukumbamba uShalaba nokwaze kwaba yilapho esexoxisana naye okwesithathu wavuma ukuthi wayeqamba amanga ngokuthi indodana yakhe ithunjiwe, wayinika uninazala.
UMotloung uvezele inkantolo ukuthi umngani kaShalaba osephenduke ufakazi wombuso, uthe ngemuva kosuku ebike ukuthi uKutlwano ulahlekile, kuthiwa uShalaba wamcela ukuthi axhumane noyise kaKutlwano ukuze afune isihlengo sika-R40 000 ukuze akhulule ingane.
Lokhu kwenzeke ngemuva kosuku ethole u-R75 000 ku-akhawunti yakhe yasebhange, udalule.
“Ngalolo suku kwafakwa ngalo imali (R75 000) yilo kanye usuku okwavulwa ngalo icala lokuthumba esiteshini samaphoyisa. Kwangisolisa kahle, kungani ngalolo suku kufakwa imali, bese kuvulwa icala lokuthumba. Ukuthumba okungakaze kwenzeke,” kusho uMotloung.
Ebuzwa ummeli kaShalaba uThabelo Tshitaka ukuthi ngabe uwulandele yini umsuka wemali, uMotloung uthe: “Siyayilungisa. Sizoluthola lolo lwazi.”
UMotloung uthe ngaphambi kokuthi uShalaba avele enkantolo, wakhipha isitatimende sesexwayiso, wathi wanikeza uKutlwano “eLehlogonolo” ngoNovemba 10. Uthe wabuza uLehlogonolo owathi uShalaba wamcela ukuthi aqoqe amadoda ukuze adune abesifazane abehamba nabo.
ULehlogonolo uphinde waveza ukuthi wahlangana noShalaba ngoNovemba 10, wamyisa eVereeniging lapho ayeyohlangana khona nalaba besifazane. Uveze ukuthi ngaleso sikhathi, uShalaba wayeboshwe ngebhere emhlane. Uthe uShalaba wabatshela ukuthi bazohamba ngayiphi imoto futhi bangaki abantu emotweni.
Nokho imizamo yokuduna imoto ibhuntshile ngenxa yokuthi amaphoyisa abekhona emgwaqeni.
Ngesikhathi uTshitaka ethi abukho ubufakazi bokuthi ikhasimende lakhe laliyingxenye yetulo lokwephula, uMotloung uphendule wathi: “Sinobufakazi, imiyalezo phakathi kukaShalaba noLehlogonolo. Ngesikhathi behlela ukuduna imoto… futhi umbuso uzokwethula imininingwane enjalo ngesikhathi sokuqulwa kwecala.”
Icala lihlehliselwe uLwesine.