INHLANGANO yabasebenzi bakaHulumeni, iPublic Servant’s Association (PSA) isinxuse iSouth African Human Rights Commission ukuba ingenelele kwisimo isibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, KwaZulu-Natal ebhekene naso.
UMnyango wezeMpilo esifundazweni usolwa ngokuhlukumeza amalungelo abantu. Lokhu kwenzeka njengoba kuqhubeka izinselelo zokuhlinzekwa kwamanzi esibhedlela.
UMnyango uthi ususebenzise izinyathelo eziphuthumayo, okuhlanganisa namathangi amanzi ngesikhathi usebenzisana noMasipala weTheku ukuxazulula lolu daba.
IMenenja yePSA esifundazweni uMlungisi Ndlovu uthe amalungu abo akhala nangokushoda kwemishini, imithi kanjalo nodokotela nabahlengikazi.
“Kubukeka sengathi uhulumeni, uMnyango wezeMpilo nomasipala abasebenzisani. Abaliqondi iphuzu elibucayi, yingakho sithi iphi iKhomishini Yamalungelo Abantu? Ngoba kuyinkinga yobuntu lapha. Uphi umvikeli womphakathi? Uma siveza lezi zindaba ezinkundleni zokuxhumana kumele balalele. Banesibopho sokuthatha izinyathelo,” kusho uNdlovu.