Kuboshwe indoda eneminyaka engu-55 ubudala ngemuva kokutholakala nezidakamizwa ezingabiza u-R9 million eKomani, e-Eastern Cape.
Iziphathimandla kubikwa ukuthi zilunywe indlebe ngomsolwa, obethutha izidakamizwa esuka eGauteng eliyisa e-East London ngeloli i-Isuzu.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uNamdla Mdleleni uthe imoto ihlonzwe yase immiswa emgwaqeni uCathcart ngoMgqibelo.
Ubuye wengeza ngokuthi uphiko lweSouth African Police Service, i-K9, lusebenzisana nezikhulu ze-Red Guard, luthole izidakamizwa ebezifihlwe ngemuva elolini.
“Ophenyweni, basesha bathola izikhwama ezingu-111 ezinamaphilisi e-mandrax angu-1 000 angabiza isamba semali yasemgwaqeni esingu-R9 million. Amaphoyisa ashaqa izidakamizwa kanye nemoto yakhe njengoba ibisetshenziselwa ubugebengu.”
Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseKomani ngoMsombuluko ngamacala okudayisa izidakamizwa.