Ukucabanga ngokushesha komshayeli weveni elithutha impahla kuholele ekuboshweni kwabasolwa abane esikhathini esingaphansi kwehora ngemuva kwezinsolo zokuthi bantshontshe impahla evenini ethwala impahla e-Addo e-Eastern Cape.
Leli velni liphoqwe oshayasibhamu be-VW Polo ukuba yehle ku-R335 ngoLwesithathu.
“Abasolwa abane bebehlome ngezibhamu bayalela umshayeli ukuthi ahlehle. Ababili bangene evenini bashova umshayeli bambeka eceleni,” kusho okhulumela amaphoyisa uW/O Majola Nkohli.
“Omunye wabasolwa uthathe ushayele lemoto isikhashana ngaphambi kokuma endaweni esithekile, nokuyilapho bathathe balayishe khona inqwaba yezimpahla kwiPolo. La madoda amane abaleke ngePolo, ashiya isisulu sidangele. Isisulu sabikela umshayeli owayedlulayo ngesimo sakhe owabiza amaphoyisa.”
Incazelo yemoto eyabaleka yasatshalaliswa emaphoyiseni nasezinkampanini zonogada.
I-Polo ibonakale ngemuva nje kwalokho endaweni eqhele ngamakhilomitha ambalwa yamiswa ngamaphoyisa. Kutholwe impahla eyebiwe nezibhamu ezintathu ezingekho emththweni.
Abasolwa, abaneminyaka engu-27 kuya ku-39, babhekene namacala okuduna imoto, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nokutholakala nempahla eyebiwe kulindeleke bavele enkantolo maduze.
UKhomishana wamaphoyisa esifunda saseSarah Baartman uMaj-Gen Zolani Xawuka uncome amaphoyisa ngokusabela kwawo ngokushesha nangokusebenzisana nabanye ozakwabo.
“Lesi kube yisibonelo esihle kakhulu sokusetshenziswa ngempumelelo kwezinsizakusebenza kuwo wonke umuntu ohililekile. Abashayeli abadilivayo kumele baqaphele ngaso sonke isikhathi indawo ebazungezile,” kusho uXawuka.