AMAQEMBU ezinhlekelele eKurhuleni kudingeke ukuthi asususe izakhamizi zaseThinasonke e-Alberton ngemuva kokutholakala kwepayipi likaphethiloli elicekelwe phansi yilabo abasolwa ngokuba ngamasela kaphethiloli.
UMnuz William Ntladi wophiko lwezinhlekelele naseKurhuleni uthe lesi sinqumo sithathwe ngoba uphethiloli usumfimfa enhlabathini futhi ubeka impilo yezakhamuzi engcupheni.
Uthe lo mzila kaphethiloli uphazanyiswe ngabantu abebentshontsha uphethiloli ngoLwesibili ebusuku.
“Kunolayini kaphethiloli oke yaphazanyiswa. Kusolakala ukuthi uphethiloli omningi, i-95 octane, isihlangane nomhlabathi,” kusho uNtladi. Uqhube wathi kunophethiloli omning owebiwe.
UNtladi uthe amathimba e-EMS hazmat kanye nezikhulu zakwaTransnet bakhona njengamanje namasu abo okuvuselela nokunciphisa, wengeza ngokuthi umphakathi usuyakhishwa.