UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi labo abathinteka ezigamekweni zokucwasa ngokwebala esikoleni esiseThekwini bazoziphendulela.
UMnyango usigxeke kakhulu isigameko sokuhlaselwa kwabantu abaningi esikoleni iCentenary Secondary, lapho kugwazwe khona abafundi abathathu kuleli sonto.
Umnyango uthi usuqale uphenyo olunzulu nglesi sigameko esinensehle yokucwasa ngokwebala.
Izikhulu zibheka ukuthi yini ebangele ukuhlaselwa ngodlame.
Izithombe namavideo asabalale ezinkundleni zokuxhumana zibonisa isiphithiphithi namaqembu ezingane zesikole egijima phakathi kwezimoto emgwaqeni.
Umama okhathazekile, indodakazi yakhe efunda khona, uthe akukhona okokuqala lesi sikole sinyakaziswa wudlame.
“Uye esikoleni izolo konke bekubonakala kuhamba kahle, ngithole ucingo luvela komunye wabazali ethi kunengxabano equbukayo, abafundi bayagwazwa.
“Kuyathusa ngoba ushiya ingane yakho esikoleni ucabanga ukuthi iphephile, ivikelekile nasesikoleni, okubuhlungu kakhulu ukuthi njalo uma uzama ukuthola uthisha noma uthishanhloko akuphenduli,” kusho umama.