AbeRoad Accident Fund bathi zilinganiselwa kwezine izingane ezishona emigwaqeni yaseNingizimu Afrika nsuku zonke. Ikholelwa ukuthi abasebenzisi bomgwaqo abenzi okwanele ukugwema izingozi ezenzekayo.
NgokweRAF, zingu-1 288 izingane ezishona emigwaqeni yakuleli minyaka yonke.
Ithi kule minyaka emine edlule, u-60% wezingane ezashona ezingozini zomgwaqo bekungabantu abahamba ngezinyawo.
Ukusetshenziswa komakhalekhukhwini, uphuzo oludakayo, ukudla ngenkathi ushayela kanye nokuzama ukwedlula enye imoto endaweni engafanele kuye kwaphawulwa njengezinye zezimbangela ezivame kakhulu zezingozi ezibulalayo.
I-RAF icele bonke abasebenzisi bomgwaqo ukuthi benze okwengeziwe ukusindisa izimpilo zabantu abasha.