Esifundeni sasoThukela senyuke ngendlela emangalisayo isibalo samacala angamanga abikiwe emaphoyiseni, ngokusho kukaWarrant Officer Basheer Khan, okhulumela amaphoyisa kulesi sifunda. Ugcizelele ukuthi ukufaka imibiko engamanga kuyicala elibi elimosha izinsiza ezibalulekile, isikhathi nemali. “Ngokungakhulumi iqiniso ngesigameko, udala ukuthi uphenyo lweSAPS luhambe ngendlela engeke iholele ekuphumeleleni,” kuchaza uKhan.
Wengeze ngokuthi izenzo ezinjengalezi azigcini nje ngokuvimba uphenyo olusemthethweni kodwa futhi zibambezela ubulungiswa kuzisulu zangempela zobugebengu. Amacala ocansi, ikakhulukazi yiwona ajwayele ukubikwa ngendlela okungeyona, ngakho ke bazothatha izinyathele ezinqala ngalokhu.
“Okubuhlungu wukuthi kukhona ababika amacala amanga. Amacala ocansi azobhekwa kakhulu njengoba lesi sigaba sobugebengu sibikwa ngamanga kakhulu,” kuxwayisa uKhan.
Unxuse izakhamuzi ukuthi zibe neqiniso uma zibika izehlakalo, wagcizelela ukuthi ukuvula amacala angamanga kuwukwephula umthetho. Umbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) ukhuthaza imiphakathi ukuthi isebenzisane nabomthetho ukuze kuqinisekiswe ukubika okunembayo kanye nokugcina