ISouth African Social Security Agency ithi bambalwa kuphela ezigidini zabantu abahlomula nge-COVID-19 SRD abafake izicelo zabo zesibonelelo sikahulumeni.
Ngo-2024, i-ejensi yethula uhlelo olukwazi ukubona ubuso bomuntu ukuze kuliwe nokwebiwa kobunikazi nokukhwabanisa, iqinisekise ukuthi izibonelelo zikhokhwa kubantu abalungile.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi abafundi ababili baseNyuvesi yaseStellenbosch bevundulule umkhonyovu ohlelweni lokufaka izicelo kanye nokukhokha lwakwaSASSA.
Okhulumela umnyango, uMnuz Paseka Letsatsi, uthe sebexhumane nabo bonke abahlomulile okumele bafake izicelo kabusha.
Uxwayisa ngokuthi kuzoba nemiphumela emibi kulabo abahlulekayo ukulalela.
“Ngesikhathi befaka isicelo bathole umyalezo othi kumele benze i-facial recognition, lokhu kwenziwa ngoba sesibonile ukuthi baningi abasebenzisa omazisi babanye abantu ukuze bathole lesi sibonelelo.
“Okubuhlungu ukuthi uma sithi phumela obala baziveze abantu abafuni ukuziveza, ngakho kusamisiwe. Konke ebesikwenza bekuwukubazisa ukuthi uma bengaqhamuki imali yabo engu-R370. uzonqunywa.”