Uthukuthele wavala umgwaqo ngamatshe umphakathi wasendaweni yase-UiTval ngaseKuvukeni ngaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma.
Lomphakathi ukhala ngokuzitshwa umaspala uThukela ngodaba lwamanzi. “Sekuphele izinyanga singenamanzi, kanti yini esasiyivotela uma kunje? Okucasula kakhulu ukuthi akekho osichazelayo ukuthi kwenzenjani.” Kuchaza enye insizwa ethi bazovala kuze kube uMaspala uyabezwa nabo.
Umaspala uThukela ukhiphe isimemezelo ngeviki eledlule ukuthi kuzoba nokuphazamiseka kokulethwa kwamanzi kulendawo kanye nezinye ezakhelene nayo ngenxa yokuthi kuphazamiseke isiphehlimanzi esise-Oliphantskop. Kodwa lomphakathi uthi akusiyo inkinga entsha le.
Inkinga yamanzi yinto endala kulomphakathi njengoba sekuneminyaka bagcina ukuba namanzi aphuma ngokwejwayelekile. Amakhansela athi nawo awanamandla atheni ngoba wona engamakhansela awanazwi uma kuziwa ekuhlinzekweni kwamanzi ngoba amanzi ahlinzekwa uMaspala uThukela.