USihlalo wekomiti lezokuhlunyeleliswa kwezimilo ePhalamende, uKgomotso Ramolobeng, usezwakalise ukukhathazeka ngokugcwala kwamajele, eveza nokuthi umthelela omkhulu walokhu ukuboshwa kwenqwaba yabokufika emajele akuleli.
Ekhuluma esithangamini sakamuva, uRamolobeng udalule ukuthi kusukela ngoNdasa wonyaka odlule, bangu-22 612 abokufika basemajele aseNingizimu Afrika, kanti bangu-690 abadonsa odilikajele. Ukuvakashela amajele aseGauteng ngo-Okthoba kukhombise ukuthi abantu bangaphandle bakha iningi leziboshwa ezikhungweni eziningi.
E-Baviaanspoort Juvenile Centre, iziboshwa ezingu-400 kwezingama-525 kwakungabantu bangaphandle, kanti i-Kgosi Mampuru Correctional Facility ihlalise abokufika abayizi-2,394. I-Johannesburg Correctional Facility ibike iziboshwa zakwamanye amazwe ezingu-4,709.
Umnyango manje usuhlalisa iziboshwa ezibalelwa ku-156,000, nakuba izinsiza zenzelwe imibhede engu-105,474 ngonyaka wezimali ka-2023/24. Ukuminyana kuphinde kube kubi kakhulu ngenxa yeziboshwa ezingakwazi ukukhokhela ibheyili, abantu abadinga ukunakekelwa ngokwengqondo, kanye nezinhlelo ze-parole ezinganele.
Ukubhekana nalokhu, umnyango ugxile ekulawuleni iziboshwa ezisalinde ukuqulwa kwamacala, ukwandisa izinhlelo zomphakathi zokuqondiswa kwezigwegwe, kanye nokulinganisa ukuminyana ngokudluliselwa kwamanye amazwe. Iyaqhubeka nemizamo noMnyango Wezasekhaya yokuxosha iziboshwa zakwamanye amazwe ezinikezwe ushwele.
U-Ramolobeng ugcizelele isidingo sezisombululo zesikhathi eside, okuhlanganisa izingxoxo zomphakathi ngezinye zezigwebo kanye nokukhuthaza izindlela ezigxile ekuhlumelelweni kwezimilo.