UMnyango wezeMpilo usukhiphe isexwayiso emphakathini mayelana namakhondomu omgunyathi asetshenziswayo njengamanje, unxusa abathengi ukuthi bahlale beqaphile futhi babike uma kukhona okusolisayo.
Ibamba LePhini Lomqondisi Jikelele Wezinhlelo Zezempilo, uRamphelane Morewane uthi lolu daba lwaqala ukubonakala ngesikhathi samaholidi kaDisemba.
“Siqale ukuzwa lokhu ngamaholidi kaDisemba—futhi njengoba sikhuluma nje, lolu daba singasho ukuthi lwenzeka eGauteng. Njengoba ungacabanga, abantu bahlale bebheka ukuthi yini engabasiza ukuthi benze inzuzo futhi nginesiqiniseko sokuthi kukhona osacabanga ngakho,” kusho uMorewane.
Ugcizelele ukubaluleka kokuthembela kumakhondomu ahlinzekwa nguhulumeni, atholakala mahhala ezikhungweni zezempilo zikahulumeni.
“Isexwayiso okufanele sisinikeze nje ukuthi abantu baseNingizimu Afrika kumele bafunde ukuqapha—futhi uma becosha into embi kakhulu, njengokudayiswa kwamakhondomu, kumele bakwazi ukukubika. Amakhondomu avela kuhulumeni, nanoma yimuphi umsabalalisi—noma iyiphi indawo yomphakathi, uma ewadinga, angawathola mahhala,” kwengeza uMorewane.
Umnyango usebenzisana nezinkampani ezizimele ukubhekana nalolu daba futhi kunqandeke ukusatshalaliswa kwamakhondomu omgunyathi.