Umfana, 13, ubulawe kabuhlungu ebulawa ngaphandle komuzi wakubo eMawoti, KwaZulu-Natal, ngoLwesine ntambama.
UPrem Balram, okhulumela iReaction Unit South Africa (RUSA), uthe isakhamuzi sishayele isikhungo sabo sokusebenza ngeithuba zehora lokuqala izolo, sicela usizo oluphuthumayo lomfana olimele kabi.
Abezokuphepha bakwaRUSA nabezimo eziphuthumayo babhekise amabombo endaweni yesigameko.
Ngesikhathi ehlolwa umfana kutholakale ukuthi ubenamanxeba okudutshulwa entanyeni ngemumva, ngenhla kweso langakwesokunxele, nasesandleni sokunxele.
UBalram uthe abahlaseli babaleke ngezinyawo ngemuva kokudubula. Umufi, obefunda uGrade 6 Kwaginga Primary School, uhlonzwe njengoshonile endaweni yesigameko.
Amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko, kodwa ayikaziwa imbangela yokubulawa kwakhe.