Isiboshwa esineminyaka engu-18 eseqa esitokisini samaphoyisa ngaphambi kokulalelwa kwesicelo sebheyili siphinde saboshwa KwaMashu, KwaZulu-Natal, ngoLwesine.
Leli bhungu elakhishwa ejele laseWestville layiswa eNkantolo yeMantshi eNtuzuma ukuze lizofaka isicelo sebheyili ecaleni lokweba, laphulukundlela labaleka ngesikhathi likhishwa emotweni yamaphoyisa.
Ngemuva kophenyo olunzulu kule ndawo, amaphoyisa nezikhulu zeRUSA bathole umsolwa ecashe ngaphansi kwenye yezinqola ebisegcekeni elithile ebeligcwele amaloli.
Ibhungu liboshwe khona lapho laphinde lagqunywa esitokisini.