Babalelwa ku-7 448 abashayeli bezimoto ababoshwe emigwaqeni yakuleli ngamacala okushayela bephuzile, ukushayela ngesivinini esiphezulu kanye namanye amacala ngalesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi.
I-Road Traffic Management Corporation ithi izinga eliphezulu lotshwala lokuphefumula elingu-2.47mg/1000ml laqoshwa e-Eastern Cape, ezinsukwini ezimbili ngemuva kukaKhisimusi.
ELimpopo, umshayeli wejubane ubanjwe egijima ku-209km/h endaweni ka-120km/h.
I-RTMC ithi amaphoyisa ama abheka izimoto ezingaphezu kwesigidi kusukela ngoSuku lukaNcibijane.
Abashayeli bezimoto abangu-408 783 banikezwe amacala abhaliwe ngokwephula kanye namacala ahlukene okuhlanganisa nokuzama ukugwazisa.
Khonamanjalo, i-N3 Toll Concession iqophe umthamo wezimoto eziningi phakathi kweGauteng neKwaZulu-Natal.
Okhulumela uMnyango uThania Dhoogra, uthe zilinganiselwa ku-1800 izimoto ngehora eziqoshiwe ziphuma eKZN, njengoba bebehambele amaholidi esifundazweni.
Uthe zilinganiselwa ku-1200 izimoto ngehora ebezibonakala zibheke eningizimu ngoLwesihlanu.
“Abasebenzisi bomgwaqo bayakhunjuzwa ukuthi sicela bahlale benesineke futhi baqaphile ngenkathi beshayela. Umthamo wezimoto ungase ubangele ukuminyana nokubambezeleka emgwaqeni,” kusho uDhoogra.
“Uma kudingekile, abomthetho bangase baqalise ukungenelela kokulawulwa komgwaqo njengoba izindawo ezisemgwaqeni okhokhelwayo u-N3 ziphazamisa ukuhamba kwezimoto.”